U Somabhizinisi wakuleli ophinde abe usaziwayo,u Shauwn "MaMkhize" Mkhize usolwa ngokuba ungqondongqondo ongemumva kwetulo lokuzama ukusoconga ummeli wakwa South African Revenue Services,u Coreth Naude.
U Naude uhlaselwe abantu abangaziwa ebebemcuthele esangweni lendawo ethile ese Durban North eThekwini, ngesonto eledlule. Labantu kuthiwa ababuzanga lutho kodwa bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise emotweni ka Naude, ezintathu zahlala enyameni. Kumanje ulwela impilo yakhe esibhedlela esingeke sidalulwe ngoba kwenzelwa ukuphepha kwakhe.Kusolwa ukuthi ukuphenya kwakhe udaba oluthinta intela ka Ma Mkhize,ikona okumdonsele amanzi ngomsele njengoba sekukhona abamfuna endele koyisemkhulu.
Abantu abahlukene banikele ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene,bazwakalisa ukungathokozi kwabo ngalesigameko futhi bashiya abangalazi kuMaMkhize okuvela ukuthi ukweleta u SARS imali elinganiselwa ezigidini ezingamashumi amathathu nesikhombisa zamarandi.