Abe South African Social Security Agency bathi ngenyanga edlule sibonakale sinyuka kakhulu isibalo sabantu ababhalisele ukuthola isibonelelo sabangasebenzi. Bathi bathole izicelo eziyizigidi eziyishumi nesikhombisa, ezinga[phezu kwezigidi ezine ziqhamuka kwa Zulu Natal.
Okhulumela i Assembly of the Unemployed Organisation, okuyinhlangano yabangasebenzi, uSiyabulela Mama, uthi lezibalo ziyakhathaza kakhulu.
" Sicabanga ukuthi iNingizimu Africa ayenzi okwanele ukudala amathuba omsebenzi. Bangaphezu kwezigidi eziyishumi nambili abantu bakuleli abavota ngakho sidinga utshalozimali oluzoholwa umbuso.Lena iyona kuphela indlela esingaphuma ngayo kulolubishi."- kuchaza uMama.
Kwenzeka loku nje, isibalo sabantu abangasebenzi kuleli, sihleli ku 33.3%, nokuyisibalo esiphezulu kakhulu.