Isithangami sabezindaba ebesibizwe i MK Party siphenduke imbizo yeqembu ngesikhathi kutheleka inqwaba yamalunga aleliqembu ukuzoba yingxenye yaso. Kusweleke indawo yokuhlala,kwaphoqa ukuthi abanye bagcine bemile ngoba bebengahlelelwe.
Lesithangami besihlelelwe ukuqala ngehora lesibili kodwa sahlehliselwa ihora lesine ntambama nelishaye ladlula engabonwa nangokhalo uMongameli weqembu uJacob Zuma. Uze wafika selishaye ledlula elesihlanu kodwa abantu bakhombisa ukumthakasela kakhulu nokuyinto esihlala yenzeka uma eke waqhamuka kubantu.
Oyisikhulu saleliqembu uNhlamulo Ndlela ufunde isitatimende sika Zuma nokuyisona ebesichaza ngezinhlelo zeqembu,okubalwa kuzona ukuthi selizoba ingxenye yePhalamende likazwelonke njengoba lalinqabile phambilini.Loku lithi likwenze ngemumva kokuthola izeluleko.
Ummeli we MK u Dali Mpofu uchaze uhambo leliqembu eselilihambile,lingena liphuma ezinkantolo ngenhloso yokulungisa izinkinga ezilikhungethe,ikakhulu lezo zokunganeliseki ngendlela ukhetho olusingathwe ngayo, nangemiphumela yalo. UMpofu uthe bayalelwe ubuholi beqembu ukuthi balwe ngakokonke abanako, bafune usizo nakwamanye amazwe uma kunesidingo,inqobo nje uma kuzogcina kwenzeke ubulungiswa.