Abezempilo bathi sesiphinde senyuka isibalo sabantu abane monkey pox. Loku kulandela ukuthi kutholwe ababili abanalesifo ezingxenyeni ezahlukene zakuleli njengoba oyedwa etholwa kwaZulu Natal,omunye watholwa e Gauteng. Loku sekwenze isibalo sabanalesifo saba amashumi amabili nane, abayishumi nanye abase KZN, abayishumi nambili abase Gauteng, oyedwa kube owase Western Cape.
Ezinsukwini ezimbalwa ezidlule, owesilisa oneminyaka engamashumi amathathu nesithupha ungeniswe esibhedlela sase Thekwini enezimpawu zalesifo. Okwamanje akukaziwa ukuthi usitholephi ngoba akukakacaci ukuthi uke waphuma yini kuleli,wahambela kwamanye amazwe. E Gauteng khona kuvele ukuthi umlisa oneminyaka engamashumi amabili ubudala otholwe nalesifo,uke wahambela ezweni lase Peru. Akukacaci ke ukuthi usuleleke ekuleliyazwe yini noma usuleleke ekuleli.
UMnyango weZempilo unxusa abantu bakuleli ukuthi balandele yonke imigomo ebekiwe yokuzivikela kulesifo. Abasola ukuthi banezimpawu zalesifo, bayanxuswa ukuthi baphuthume baye ezikhungweni zezempilo ukuze bezothola ukusizakala ngokushesha.