Owayengumvikeli womphakathi u Busisiwe Mkhwebane usememezele ukuthi useyilaxazile i Economic Freedom Fighters, okungakapheli nesikhathi esingakanani eyijoyinile.
Encwadini ayibhalele leliqembu, uMkhwebane udalule ukuthi uyashiya nasekubeni yilunga le Phalamende. Uthi usethathe isinqumo sokuphuma kwezepolitiki ukuze ezokwazi ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe. Uthi akhona amaqembu amshelayo ukuthi awajoyine kodwa asikho isinqumo asesithathile. Uthi usazodla amathambo ekhanda ngoba kubalulekile ukuthi umuntu asebenze, ikakhulu uma ukhulisa izingane futhi enezikweletu.
Kwenzeka loku nje, ezinsukwini ezimbalwa ezidlule iNkantolo ephakeme yase Pitoli ikhiphe isinqumo esithi akafanelekile ukuthola umhlomulo wemali eyizigidi eziyishumi zamarandi ngenxa yesikhundla abesiphethe sokuvikela umphakathi.