U DKT.SIPHO SITHOLE AKATHOKOZILE NGONGQONGQOSHE WEZOBUCIKO NAMASIKO

By Sithembiso Sibisi · Jul 12, 2024
U DKT.SIPHO SITHOLE AKATHOKOZILE NGONGQONGQOSHE WEZOBUCIKO NAMASIKO picture

Oyisazi samasiko nobuciko futhi ophinde afundise eNyuvesi yase Howard, e Melika, u Dkt. Sipho Sithole usezwakalise ukungathokozi ngesenzo sikaNgqongqoshe weZobuciko namaSiko kuZwelonke , uGayton McKenzie sokuthi athi akukhishwe uhlu olunamagama abobonke abahlomula kuloMnyango ngesikhathi kuhlasele iCovid.

U Dkt. Sithole uthi lesenzo asihlukile neze nokuhlekisa ngabantu ababebhekene nesikhathi esinzima njengoba izwe lalivaliwe. bengasebenzi. Ekhuluma nesiteshi sikamabonakude esizimele, uthi ukuba yena wayengomunye wabahlomula ngalesikhathi, imali wayezoyilaxaza phambi kwamahhovisi aloMnyango, ePitoli. Uthi amaciko asehlukunyezwe kakhulu nagkho wayezoyiqhuba ngebhala,ayibuyisele emumva,athi abayithathe.

" U Mnyango we Zobuciko nama Siko unomsebenzi omkhulu kule Ningizimu Africa ebuswa ngokwentando yeningi. Kumele uhlanganise abantu base Mzansi Africa, kumele ube wumgogodla wesizwe, kumele kube iwona oqhubezela phambili izinhlelo zokulapheka osekuneminyaka engamashumi amathathu zaqalwa. Kunaloko usuphenduke uMnyango wezokushicilela,ushicilela uhla lwamagama abantu abayithola nabangayitholanga lemali. Siyadabukisa ngemepela lesimo." - kuchaza u Dkt. Sithole.

Lento eyenziwe yokukhishwa kwaloluhlu uyibiza ngokuhlaza amaciko, ingakho ethi yena ubezoyibuyisela emumva lemali.  Uthi uMongameli u Cyril Ramaphosa wenze iphutha elikhulu kakhulu ngokuqoka u McKenziwe eMnyangweni obucayi ngaloluhlobo. 

 

 

 

 

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp