Inkampani ephakela elakuleli ngogesi, u Eskom uthi bonke abantu abasebenzisa ugesi wekhadi kuzomele bashintshe izigubhu, bathole ezintsha ungakafiki umhlaka 24 kuLwezi.
Okhulumela u Eskom, u Daphne Mokwena, uthi kunezigubhu ezanele ezilungiselwe uhlelo olusha nokuzokwenza ukuthi kubelula kumakhasimende abo ukuzisebenzisa. Loku uthi kuzophoqa ukuthi abantu bathenge ugesi kubadayisi bawo abagunyaziwe,bese begcwalisa imininingwane edingekayo ngokwabo.
U Mokwena uthi abantu kuzomele basebenzise lesikhathi abasinikeziwe ngoba angeke balulelwe isikhathi ngemumva kosuku lomnqamlajuqu. Abangakwenzi loku kuthiwa bazobhekana nengwadla yokungakwazi ukufaka ugesi, okusho ukuthi bazohlala ebumnyameni.