Iqembu uMkhonto WeSizwe selimemezele u Jaji John Hlophe njengosengu Sotswebhu walo kuzwelonke. Uqokelwa kulesikhundla nje u Hlophe obeyiJaji e Western Cape, uphelelwe umsebenzi ngasekuqaleni konyaka ngemumva kokuba iphalamende livotele ukuthi agudluzwe. Loku kumenze wangena emabhukwini omlando njengoba eyiJaji lokuqala ukuthi aphelelwe umsebenzi ngalendlela.
Ngaphambi kokuba aphelelwe umsebenzi, ngo 2022 wamiswa uMongameli uCyril Ramaphosa ngoba ebhekene nezinsolo zokungahambisi ngendlela ekuthathweni kwezinqumo ecaleni lalowo owayenguMongameli wakuleli uJacob Zuma elithinta ukuthengwa kwezikhali.
U Nobhala jikelele we MKP u Arthur Zwane uthi ukuqokwa kuka Jaji Hlophe kungeminye yemizabo yeqembu ukuqinisa izinhlaka zalo ezifundeni nasezifundaweni.Uthi loku kuzoba yisisekelo esiqinile njengoba kulungiselelwa ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngo 2026.