Iqembu loMkhonto Wesizwe selikhiphe isitatimende esiveza ukuthi uJaji uJohn Hlophe angeke esaba uSotswebhu walo ePhalamende likazwelonke njengoba belishilo phambilini. Ngokwalesitatimende, uyena osezohola iqembu ePhalamende,nokuyisikhundla esisemqoka kakhulu ngoba asikude kakhulu nesokuhola iqembu jikelele.
Kwenzeka loku nje u Jacob Zuma onguMholi weqembu watholwa iNkantolo engakulungele ukuthi angaya ePhalamende ngoba uke wagwetshwa. Loku besekuqubule ukuqagela kwabaningi ngokuthi ubani ozoqokelwa lesikhundla esigcine siqokelwe uJaji uHlophe.
Leliqembu lithi ngenxa yamava akhe u Jaji uHlophe,limbone efanelekile ukuthi angasingatha lesikhundla. Okunye elimncoma ngako ukuthi ungumuntu okwaziyo ukubekezela njengoba lithi ubekezelele ukuhlukunyezwa yi DA waze wasuswa nasesikhundleni kungafanele.