UKhomishana wamaphoyisa kwaZulu Natal,uNhlanhla Mkhwanazi uthi uyawabonga amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla,abeka impilo yawo engcupheni ngenhloso yokuvikela umphakathi.
Ukusho loku ngemumva kokuthi amaphoyisa ebophe ozakwabo abayisishiyagalolunye, abasoleka esigamekweni sokudubula esenzeka e Pinetown ngo May walonyaka. Kuthiwa lamaphoyisa amisa uSomabhizinisi wendawo owayehamba ngemoto yakhe emgwaqweni u M 13, amyalela ukuthi ehlise iwindi,nokwathi uma enqaba abe esevulela ngenhlamvu ebhekise emotweni. Ngenhlanhla akulimalanga muntu kulesigameko.
UMkhwanazi ukthi angeke baze bawabekezelele amaphoyisa aphula umthetho. Uthi basebenza ngokubambisana nezinye izinhlaka ezibhekele ukugcinwa komthetho, njengophiko oluzimele oluphenya ubudedengu obenziwa amaphoyisa kanye nophiko loKlebe. Kuleminyaka emithathu edlule, uthi sebebophe amaphoyisa ayikhulu nanhlanu, athinteka emacaleni ahlukene, angamakhulu amathathu neshumi nane axoshwa.
Lamaphoyisa ayisishiyagalolunye aboshiwe,avele kafushane eNkantolo kulelisonto, adedelwa ngebheyili yezinkulungwane ezinhlanu zamarandi umuntu ngamunye. Kulindeleke ukuba abuyele enkantolo mhla zingu 20 ku August.