U Mholi we Economic Freedom Fighters, u Julius Malema, uthi ufuna ukuthola incazelo ngokwenzeka enkampanini edumile yezicathulo i Drip.
Kulelisonto kuvele izindaba ezishaqisayo zokuthi lenkampani eyasungulwa u Lekau Sehoana, iyavalwa ngenxa yokucwila ezikweletini ezilinganiselwa emalini eyizigidi zamarandi. Kwenzeka loku nje kunombango oqhubekayo phakathi kuka Lekau nowakwakhe u Lebogang Sehoana, okhala ngokuthi wadlala indima enkulu ekusungulweni kwalenkampani kodwa ubeseshiywa ngaphandle. Ukhala nangokuthi izimali zokusungula lenkampani zavela kuyena,
U Malema uthi uzobamba umhlangano no Lekau, ukuthola ingqikithi ngokwenzekayo. Uthi i Drip ibibonakala yenza kahle futhi inezitolo ezinxanxatheleni zizitolo izwe lonke kodwa akwaziwa obekwenzeka ekuphathweni kwezimali. Ukhala nangokuthi kungani lungekho uhlaka olutakula amabhizinisi asezinkingeni.