Umholi we Economic Freedom Fighters, u Julius Malema, uthi abafuna ukushiya kuleliqembu, abahambe kwamanje ngoba akukho okuzoshintsha endleleni okuqhutshwa ngalo kulona.
Ekhuluma phambi kwamalunga aleliqembu,e Gauteng, uMalema obebhodla umlilo, uthi kunabaholi abangaphakathi kuleliqembu kodwa bayizitha zalo ezinkulu. Uthi loku kubonakala ngokuthi bathule, bangasho lutho uma lihlaselwa. Uthi labaholi balandela ibhodwe eliconsayo, okusabahlalisile ku EFF ukuthi bafuna ukubona ukuthi bazokhethelwa yini ukuba sezikhundleni eziphezulu ngo December, uma bengakhethwa bazohamba njengoba kwenze u Floyd Shivambu osejoyine u Mkhonto Wesizwe.
Unxuse amalunga e EFF ukuthi angabaseki labaholi ngoba bahlulekile ukuma nabo ngesikhathi bebadinga kakhulu njengoba bephuma okhethweni obelunzima.