UMongameli woMkhonto Wesizwe u Jacob Zuma usebenzisa isithangami sabezindaba ebesibizwe iqembu lakhe e Sandton namhlanje,ukunikeza izintatheli isifundo samahhala ngomsebenzi wazo.
U Zuma unikezwe ithuba lokuthi agoqe lesithangami,nokuyilapho ebuze khona izintatheli ukuthi kungani zisebenze ngendlela ebukeka igculisa uhlangothi olulodwa kuphela. Uchaze ukuthi ngokwazi kwakhe nangokubuka indlela izintatheli zakwamanye amazwe ezisebenza ngayo,kuwumsebenzi wazo ukufundisa abantu iqiniso ngezinto ezenzekayo emhlabeni. Ubalule ukuthi izintatheli izona okumele zibuze imibuzo enzima futhi ziqinisekise ukuthi ziyalimela iqiniso ngoba zibaluleke kakhulu entandweni yeningi.
Ukhale kakhulu ngokuthi izintatheli zakuleli kubukeka sengathi zisetshenziswa abathile,okuyibona abazilawulayo ukuthi zibhale ukuthini futhi zibhale ngani. Uthi loku kungezinye zezinto okumele ziqedwe ngoba zibuyisela izwe emumva.