Umphakathi okhahlamezwe umlilo endaweni yase Hibberdene, ogwini oluse Ningizimu ne KwaZulu Natal, awuwuvali umlomo ngosizo oluthola ezinhlakeni ezahlukene.Ezinsukwini ezidlule, umlilo onamandla, okusolwa ukuthi uqale ngesikhathi esinye isakhamuzi sizama ukosa inyama, ucekele phansi izindlu eziyisishiyagalombili, kwakhona abalimalayo, abanye balashelwa ukuhilwa intuthu. Kukhona abane okubikwe ukuthi badukile kulesehlakalo.
Abasale dengwane kulesehlakalo,bathuthelwe kwesinye isakhiwo somphakathi lapho benikezwa khona usizo olwahlukene. Laba bathi abasoze bakukhohlwa abakwenzelwa umphakathi ofika nsukuzonke, ushiye izinto eziyizidingo ezinqala emasangweni alesakhiwo abakhosele kusona. Phakathi kwezinto abazitholayo,kubalwa izingubo kanye nokudla.
Ngale kokuhlinzeka ngezidingo, umphakathi wakulendawo ususungule nesikhwama esiqondene ngqo nokusiza abakhahlamezekile kuze kube baba namandla okuthi bavuke bazithathe.