UMnyango wezempilo kwaZulu Natal uthi usuphoqeleke ukuthi umise ezinye izinhlelo zawo elokishini laseMlazi, kulandela ukjwanda kwezigamekio zobugebengu ezibhekiswe kubasebenzi bawo. Esigamekweni sakamumva esishiye abasebenzi bethuthumela,kuhlaselwe,kwathunjwa umsebenzi ohamba ngemoto ewumtholampilo ongumahamba nendlwana,edunwa imoto yomsebenzi. Kumanje lomsebenzi kubikwa ukuthi usathola ukululekwa ngokwengqondo.
UMnyango uthi ukuzama ukuvikela abasebenzi bawo kulezinswelaboya ezibaphilisa kanzima,usuthathe isinqumo sokuthi ukumise ukusebenza kwemitholampilo engomahambanendlwana esuka esibhedlela i Prince Mshiyeni.
Ngeledlule abasebenzi base Prince Mshiyeni babe nemashi lapho bebezwakalisa khona izikhalo zabo ngalesimo esibeka impilo yabo engcupheni. Phakathi kwezinto ebebeziphakamisa,ukuthi kube nokwenziwayo ukuqinisekisa ukuphepha kwabo.