I Nkantolo yesufunda yase Mpangeni, imgixabeze ngodilikajele kanye neminyaka eyishumi ngaphezulu owesilisa olahlwe elokudlwengula izingane esikoleni.
U Ayanda Lembede oneminyaka engamashumi amathathu nesikhombisa ubudala, wayengunogada kwesinye sezikole zamabanga aphansi ngesikhathi egila lomkhuba emantombazaneni amabili ayeneminyaka eyisishiyagalombili nesyisishiyagalolunye ubudala. Lesigameko senzeka phakathi kuka 2020 no 2021 kanti kuvele ukuthi wayewasabisa ngokuthi uzowabulala lamantombazane uma eke akhuluma. Enye yaba nesibindi yabikela umama wayo, neyesibili yavuleleka, kwabe seziyamkhalela lomlisa.
Ngesikhathi ikhipha isigwebo, iNkantolo iphakamise ukuthi igama lalomlisa lifakwe ohlwini lukazwelonke lwabanukubezi ngoba akafanelekile ukuthi angasebenza nezingane.