I Nkantolo yesifunda sase Showe, imgixabeze ngodilikajele neminyaka eyishumi nanhlanu ngaphezulu owesilisa olahlwe icala lokubulala nokubamba inkunzi.
Ngo 2018, u Siphiwe Kweyama nomngani wakhe, babamba inkunzi izelamani ezimbili, ezazineminyaka eyishumi nesithupha, neshumi nesishiyagalombili ubudala, bezikhombe ngesibhamu, baziphuca omakhalekhukhwini. Umngani ka Kweyama wadubula, wabulala isisulu esincane kuesigameko esenzeka endaweni yase Sundumbili. Naye lomngani washona kwesinye isigameko ngesikhathi kunokudubulana namaphoyisa.
Okhulumela uphiko lwezokushushiswa komphakathi, u Ntasha Kara, uthi basijabulele kakhulu lesigwebo futhi banethemba lokuthi sizoba yisifubdo nakwabanye abacabanga ukwenza ubugebengu.