Umndeni wase Bluff, eThekwini, uthi usuhlala uthuka izanya, kulandela isigameko sokungenelwa izigebengu ekhaya lawo, zishaqe impahla.Ilunga lalomndeni lithi basebelele ngo Lwesithathu ebusuku ngesikhathi liphaphanyiswa umsindo elingawuqondi.
"Ngesikhathi ngizwa umsindo, ngivukile, ngalunguza ngefasitela ngenhloso yokubona ukuthi uqhamukaphi. Ilapho ngibone khona udadewethu eboshiwe emnyango. Ngibe sengiphuthuma ukuvala umnyango wegumbi lami lokulala, izigebengu zafika zakwazi ukusibhodloza isicabha, zabe seziyangibopha nami, zingikhombe ngezibhamu. Zenze okufanayo nakubazali bami, zabe sezishaya ziyachitha nempahla yethu. Ngenhlanhla azisilimazanga,sisale nemihuzuko nje kuphela."- kulandisa indodana yalomndeni esingeke silidalule igama layo ngenxa yezimo zokuphepha.
Amaphoyisa athi phakathi kwezinto ezishaqwe izigebengu kulomuzi,kubalwa izingubo, izinto ezisebenza ngogesi kanye nezimoto ezimbili. I Khansela lendawo, u-Zoe Solomon, unxusa umphakathi ukuthi weseke lomndeni ngeminikelo ngoba lesigameko siwushiye ungenalutho.