U Ngqongqoshe weZokuhlaliswa kwabantu , u Mmamoloko Kubayi, ngokubambisana ne Meya yeTheku, u Cyril Xaba, bahambele emijondolo yase Pilgrim X, e Sipingo, lapho bethule khona uhlelo lokwakhelwa kwabantu izindlu.
Loluhlelo okuhlelwe ukuthi luqalwe ngo Masingana, luzodla izigidi ezingamakhulu amabili zamarandi kanti zingamakhulu amane izindlu okuhlelwe ukuthi zakhiwe. Ngale kwezindlu, kuhlelwe ukuthi kwakhiwe inkulisa kanye nendlu yokukhonzela kuyona lendawo. Uhlelo lonke kulindeleke ukuthi luphothulwe esikhathini esiyiminyaka emithathu.
U Meya u Xaba uzwakalise ukukhathazeka ngabantu abanikezwa umsebenzi wokwakhela abantu izindlu kodwa bangawuqedi. Uthi kukhona abaphenywayo ngalomkhuba.