U Ndunankulu wakwa Zulu Natal, uMnu. Thami Ntuli, uthi uhulumeni wakulesifundazwe unenkinga yokulawula imali yomphakathi nokuyinto okumele iqashwe kakhulu.
U Ntuli uthi lesifundazwe sisezikweletini ezinkulu njengoba kunezizumbulu okumele sizikhokhele abahlinzeka ngezidingo. Ezinye zalezikweletu ezangonyaka odlule. Uthi okubathwesa umthwalo omkhulu manje ukuthi sekumele basebenzise isabelomali salonyaka ukukhokha lezikweletu. Uma benza loku,kusho ukuthi kukhona izinto zalonyaka ezingeke zikhokheleke.
Ngesikhathi ethula inkulumo omayelana nezinsuku eziyikhulu seloku eqhoqhobale isihlalo sobuNdunankulu, uNtuli uveze ukuthi isisombululo kulenkinga kungaba ukuthi kunqanyulwe imali eyizigidi eziyikhulu namashumi amahlanu njalo ngonyaka, ukuze kuzokhokheka lezikweletu. Uthi loku kudinga ukwenziwa iminyaka eyisikhombisa.