U Khangelani Ngcobo wase Cator Manor, eThekwini uthi sekulele ezandleni zo Msamariya olungileyo,ozomxhasa ukuze iphupho lakhe lomsebenzi wezandla lizoba yimpumelelo.U Khangelani wenza okuhlukile ngokhuni njengoba umsebenzi wakhe osambhoshongo, ungajwayelekile kodwa uheha uma usuwubonela eduze.
" Umsebenzi wezandla ngiwuqale ngo 2022 ngesikhathi ngisasebenzela inkampani egxile emisebenzini yokhuni. Ngesikhathi ngifika kulenkampani,ngangingazi lutho ngokhuni nangomsebenzi wezandla. Ngaqala ukuba nothando lwalomsebenzi ngesikhathi sisebenzela e University of KwaZulu Natal, ngenza imisebenzi eyahlukene ngikhuthazwa ukubona amabhilidi ahlukene kulesikhungo. "- kuchaza uKhangelani obonakalayo ukuthi uyazethemba futhi uyizwa ngaphakathi lento akhuluma ngayo.
Uthi isifiso sakhe esikhulu ukuthi athole uxhaso ukuze ezoqedela lomsebenzi aphezu kwawo manje,nathi akangabazi ukuthi uzomvulela iminyango eminingi.
"Ukuze uphele lomsebenzi,sengishoda ngezinto ezisebenza ngogesi ngoba unama disco lights futhi udlala nomculo. Ukuphumelela kwawo kuzongisiza ekutheni nami ngikwazi ukusiza abanye abafisa ukusebenza ngokhuni,nokungasho ukuvuleka kwamathuba omsebenzi."
Abafisa ukuzibonela umsebenzi ka Khangelani,nabangaba nesifiso sokumxhasa, bangamthinta ku 0782746537.