ObenguNobhala jikelele kwi National Freedom Party u Canaan Mdletshe usesilaxaze phansi isikhundla sakhe kulandele ukungathokozi ngesinqumo esithathwe ileliqembu njengoba kubuywa okhethweni. UMdletshe osebe ilunga le NFP kusukela isanda kusungulwa futhi owake waba umkhulumeli womsunguli waleliqembu u Zanele kaMagwaza Msibi ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezesayensi nobuchwepheshe,ukhala ngesinqumo seqembu sokwakha umbimbi ne ANC kanye ne DA.
Encwadini ayithumele abezindaba,uMdletshe ubalula ukuthi unembeza wakhe awumvumeli ukuthi abe yingxenye yeqembu elizimisele ukwenza noma yini ukubambelela emandleni ombuso noma libona ukuthi loko kuphambene nentando kanye nezifiso zabantu baKwaZulu Natal. Uthi abantu bakwaZulu Natal bakhombisile ngevoti labo ukuthi abasayifuni i ANC.
Uthi nakuba akuthokozela kakhulu ukusebenza ngaphansi komsunguli waleliqembu uKaMagwaza Msibi,angeke akwazi ukiuqhubeka nokuba ngaphansi kweqembu elibashaya indiva abavoti. Lesinqumo esithathwe i NFP uthi asihlangene nakancane nokufeza izidingo zabantu kodwa simayelana nokuzicebisa kwabathile.