Umyeni ka Zanele Mbokazi- Nkambule, u Mbhishobhi u Mpendulo Nkambule, uyawachitha amahlebezi asesabalele izwe lonke, okuthi lentandokazi yomsakazi ishone ngoba ithakathiwe.
Ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo somkakhe, ebibanjelwe ebandleni i God Never Fails, e Thekwini namhlanje, uthe kubalelekile ukuthi akucacise ukuthi u Zanele akathakathwanga o Khozini kodwa uthathwe isifo somdlavuza. Uzwakalise ukuthi ozakwabo bomkakhe emsebenzini,bebemthanda futhi namanje basamthanda ngakho lena yokuthi kukhona omthakathile, ayikho.
Sekuyinto evamisile ukuthi uma kukhona oshonayo kulomsakazo, kuqubuke amahlebezi okuthi bathakathwe ngaphakathi. Esikhathini esiphambili kuke kwaduma ukuthi kunekhanda lo Khozi, okuyilona eliqeda abasakazi. Loku kwakubangelwa ukuthi abasakazi abehlukene babenokukhala ngekhanda, kwesinye isikhathi elalibaphazamisa nasemsebenzini wabo. Nenyanga edumile, uKhehlelezi, iwenze abhebhetheka lamahlebezi ngokuthi umkhokha awukhombe ngaphakathi ezindlini zomsakazo.
Inkonzo yokugcina ka Zanele,izobanjelwa e International Convention Centre ngo Mgqibelo, bese eyobekwa emathuneni ase Marianhill, adume ngokuthi kuse Roma.