Umndeni ka Xolani Chili owabulawa ngasekuqaleni konyaka, usubeke etafuleni umehlokaboni ka R 100 000 ozotholwa yilowo ozosiza ekutheni kugcine kubanjwe umbulali noma ababulali bakhe. U Chili wadutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu, wabulawa e New Germany ngesikhathi ephuma emsebenzini.
Umndeni ka Chili uthi kuze kubeyimanje awukazitholi izimpendulo zokuthi kungani ilungu lawo labulawa ngalendlela. Umchaze njengomuntu owayehlala ethokozile futhi ethanda ukuzibandakanya nezinto eziyisa yena, umndeni wakhe kanye nomphakathi phambili. Uthi ukubulawa kwakhe akuhlukumezanga nje wona kuphela kodwa kuhlukumeze abantu abaningi.
Okhulumela umndeni wakwa Chili futhi ongumphenyi walelicala, u Brad Nathanson, uthi abanokuthile okungasiza ekutheni kugcine kuvalelwe ababulali, bangakwenza loku bezifihlile ukuze bezovikeleka. Uthi lonke ulwazi lwamukelekile, akukhathalekile ukuthi lubonakala luluncane kangakanani. Uthi zikhona izinsolo abanazo zokuthi kungani u Chili abulawa kodwa abakudingayo manje ubufakazi obuqinile.