Umlingisi osezakhele igama emidlalweni kamabonakude neyomoya,u Mpumy MaNdlovu Mzelemu, useqhamuke nezinhlelo eziyingqayizivele zokucija abasembonini yezobuciko, ikakhulu labo abasebenza nezingane.
U Mpumy odabuka elokishini lase Mlazi, eThekwini, useke wabonakala emidlalweni kamabonakude ehlukene, okubalwa kuyona u Zalo ne Durban Gen kanti uke walingisa futhi nakwi filimu yamahlaya ethi Inkinga u Ben. Ngale kokulingisa uphinde ahlinzeke izingane ngezifundo zezobuciko ezibakhona ngamaholidi, uma kuvalwe izikole. Uthi abazoba yingxenye yalezinhlelo zokucijwa kwamakhono azihlelile, angeke bazisole nakancane ngoba lukhulu abazoluzuza.
" Uthando enginalo ngezobuciko noluholele ekutheni ngiqeqeshelwe ukucija othisha,ilona oluholele ekutheni ngkhethe ukusebenzisa lelithuba ngalesikhathi sonyaka. Othisha abazoba yingxenye yalezinhlelo bazofunda izindlela ezilula futhi ezijabulisayo zokufundisa abafundi babo. Akuzukugcina lapho kodwa bazophinde bathole nezitifiketi."- kuchaza uMpumy oselubheke ngabomvu usuku lwangomhlaka 24 kwephezulu, nokuyilona okuzobanjwa ngalo le workshop.
Abafisa ukuba yingxenye yalengqayizivele ye workshop, bangaxhumana ngqo no Mpumy ku 078 8575347.