Umndeni wentombazanyana engu Nqobile Hlophe, etholwe isishonile ePinetown, uncoma abasebenzi basemakhazeni kahulumeni akulendawo ngendlela abawamukele, bawusingatha ngayo ngesikhathi uzobona umzimba wendodakazi yawo. Lomndeni uthi impatho kanye nozwelo oluthole kulabasebenzi, luwenze wathola ukududuzeka kulesimo obhekene naso.
Umzimba ka Nqobile obefunda ePinetown Girls High School, sitholwe umuntu obezihambela emgwaqweni onguthelawayeka u N3 ngemumva kokuba umndeni wakhe ubusuhlabe ikhwelo,ucela ukufuniswa yena. Wayegcinwe ngo Lwesihlanu ntambama ephuma esikoleni kodwa wangafinyelela ekhaya. Kunezinsolo zokuthi washayiswa yimoto, yabaleka kanti amaphoyisa aqphezu kophenyo,ngenhloso yokuthola umshayeli wayo.
Umndeni uthi umzimba wendodakazi yawo ulimele kakhulu njengoba kusolwa ukuthi yashayiswa izimoto eziningi kodwa umsebenzi omuhle owenziwe abasebenzi basemakhazeni, uwenze wakwazi ukubhekana nesimo.