UNGQONGQOSHE WAMAPHOYISA UKHALA NGAMAZINGA OBUGEBENGU KULELI

By Sithembiso Sibisi · Jul 15, 2024
UNGQONGQOSHE WAMAPHOYISA UKHALA NGAMAZINGA OBUGEBENGU KULELI picture

U Ngqongqoshe wamaphoyisa ku Zwelonke uSenzo Mchunu uthi amazinga obugebengu kuleli asenyuke, afinyelela emazingeni aphezulu kakhulu futhi angabekezeleleki. Ukusho loku ngesikhathi enesithangami nabezindaba namhlanje,nalapho ebekhuluma khona ngezinhlelo eziphambili zoMnyango wakhe.

U Mchunu uthi izinhlobo zobugebengu obuhamba phambili, ukuthunjwa kwabantu ngenhloso yokuzuza imali, ukubulala, ukudlwengula nokudunwa kwezimoto.

" Ukubulawa kwabesifazane nezingane kuyaqhubeka futhi kuyasikhathaza ngakho kumele kube nokwenziwayo ngasohlangothini lwezomthetho. Yingakho nje sithi kwesinye isikhathi sizophoqeleka ukuthatha izinyathelo ezinzima ukulwisana nalesihlava."- kunaba uMchunu.

Uthi umgomo wabo ucacile, ukuqinisekisa ukuphepha kubona bonke abantu bakuleli, ukuze abantu bezohamba ngokukhululeka noma ngabe ikuphi futhi noma ngabe inini, bangaloku bethuka izanya ngokuthi bangase bazithole sebephenduka izisulu zezinswelaboya.

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp