U Ngqongqoshe weZemidlalo,ezobuCiko namaSiko, u Gayton McKenzie, uthi uhulumeni kuzomele ungenelele, kubekhona okwenzayo ukuthi abadlali bemidlalo ehlukene, bathola imihlomulo engcono. Ukusho loku esikhumulweni sezindiza i O.R Tambo International ngesikhathi amukela abadlali bakuleli ebebebambe iqhaza kuma Olympics abese Paris.
Uthi abantu bakuleli banejoka lokuqinisekisa ukuthi elakuleli lithumela abadlali abangekho ngaphansi kwamakhulu amathathu, kuma Olympics ango 2028. Uthi uyathembisa ukuthi loku kuzokwenzeka kumnyama kubomvu, ngisho noma ngabe kusho ukuthungatha abadlali ezindaweni ezisemajukujukwini.
Iqembu lakuleli libuye nezimendlela eziyisithupha, eyodwa yegolide, ezintathu zesiliva, nezimbili zethusi. Umbhukudi u Tatjana Smith obekungokokugcina ekulomqhudelwano, uyena owenze kahle kakhulu ethimbeni lakuleli njengoba ezuze igolide nesiliva.