UNGQONGQOSHE WEZEMPILO E KZN AKATHOKOZILE NGESABELOMALI

By Sithembiso Sibisi · Aug 15, 2024
UNGQONGQOSHE WEZEMPILO E KZN AKATHOKOZILE NGESABELOMALI picture

U Ngqongqoshe we Zempilo kwaZulu Natal, u Nomagugu Simelane, usezwakalise ukungathokozi ngokuqhubeka kokunqanyulwa kwesabelomali so Mnyango wakhe. Uthi loku kuyabaphazamisa kakhulu ngoba kwenza bangakwazi ukwenza umsebenzi abawubekelwe ngendlela.

Ethula isabelomali so Mnyango wakhe sango 2024/2025 osukwini lwayizolo, u Simelane uveze ukuthi singu R 53,8 billion, okusho ukuthi singaphezulu ngo R 3 billion uma siqhathaniswa nesangonyaka odlule. Noma kunjalo, uSimelane ukhala ngokuthi uMnyango we Zempilo kwaZulu Natal, uloku uqhubekile nokubhekana nezingqinamba ezibangelwa ukunqanyulwa kwesabelomali. Uthi kusukela ngo 2019, loku sekubalahlekisele ngemali elinganiselwa ku R 17 billion. 

" Lento yenza ukuthi singakwazi ukuba nezinhlelo zesikhathi eside futhi inomthelela ekutheni kugcwale kakhulu ezikhungweni zezempilo. Abasebenzi bethu noma ngabe bazinikele kangakanani kodwa bagcina sebehluleka ukubhekana nengcindezi. Sigcina singasakwazi ukuhlizeka imiphakathi ngendlela, nokuyinto ewumongo womsebenzi wethu."- kuchaza u Simelane.

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp