UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, u Senzo Mchunu, uthi sekuqalwe uphenyo olunzulu ngokuyikona okuholele esigamekweni sokubulawa kwabantu abayishumi nesikhombisa, endaweni yase Lusikisiki, Eastern Cape ngempelasonto.
Amalunga omndeni owodwa ahlaselwe abantu abangaziwa abafike bavulela ngenhlamvu ngo Mgqibelo. Kusobala ukuthi bekuqondwe wona ngoba ahlaselwe esemizini emibili ehlukene kodwa esemgwaqweni owodwa. Kwabashonile kulesigameko esishaqisayo, abayishumi nanhlanu abesifazane. Abayisithupha, okubalwa kubona nosana olunezinyanga ezimbili luzelwe,basindile kulokuhlaselwa.
UNgqongqoshe u Mchunu uthi likhona ithimba labaseshi oseluqalile ukwenza uphenyo njengoba sekuqalwe umkhankaso wokuthungatha abenzi bokubi.