UMnyango we Zokuthuthukiswa ko Mphakathi uthi uphoqelekile ukuthi uyivale imali yesibonelelo ebitholwa owesifazane wasesigodini saso Thulini, e Mvoti, osolwa ngokungazinakeleli izingane.
Lona wesifazane okungaziwa ukuthi ukuphi nezwe, washiya izingane zabafana ezine, ezineminyaka ephakathi kweyishumi neyishumi nesithupha, zingabhekwemuntu. Kwaze kwangenelela omakhelwane, bazithatha ngoba bebona isimo esingesihle ebeziphila ngaphansi kwaso njengoba nendlu ebezihlala kuyona ibukeka ingawa noma inini.
U Ngqongqoshe we Zokuthuthukiswa ko Mphakathi u Mbali Shinga, uthi ngokubambisana nabakwa SASSA, bayivalile imali yesibonelelo etholwa ilona wesifazane, bazoyivula uma izingane sezithole umuntu ozozinakelela ngokusemthethweni futhi basezinhlelweni zokuzitholela indawo ephephile, ezizohlala kuyona. Uxwayise nabanye abazali abangazinakeleli izingane ngendlela, ukuthi bazobhekana nomthetho njengoba uMnyango wakhe usuzoqala uhlelo lokuvakasha ungalindelekile emakhaya nasezikhungweni ezigcina izingane ezihola isibonelelo.