Umculi wowokholo u Uyanda Ntanzi,uqophe umlando ngalempelasonto ngesikhathi egcwalisa phama i International Convention Centre e Thekwini, ekhonsathini obekungeyakhe yedwa. Amathikithi alekhonsathi adayiswa aphela kusasele isikhathi ukuthi kufike usuku lwayo, nokuyisibusiso esingehleli wonke umculi.
Ngale nje komculo ovuselelayo, u Ayanda uchaze izihlwele ngendlela angene ngayo, njengoba engene endiza phezulu kuhle kwengelosi. Bekungokokuqala loku kubonakal kwenziwa umculi wowokholo njengoba kuyinto evamise ukwenziwa abaculi beminye imikhakha. Nakuba abaningi beyithakeselile lendlela angene ngayo, bakhona labo abazwakalise ukungayijabuleli njengoba bethi ukhombisa ukulandela izinto zezwe.
Enkundleni yakhe yezokuxhumana, omunye umculi wowokholo ohlonishwayo, uThulani Ga Ndlela, uthe lento eyenziwe u Ayanda,ivule igebe elikhulu kulemboni. Ube esekhuza labo ababonakala sengathi badliwa umona, abangaphumeli obala bancome into enhle.Nabanye osaziwayo okubalwa kubona u Thina Zungu, u Jumbo no Fundiswa Teddybear Xaba, baphumele obala bamhalalisela u Ayanda ngempumelelo yekhonsathi yakhe.