Umgwaqo u Dumisani Makhaye Highway ohlanganisa izindawo ezise Ntshonalanga nezise Nyakatho ye Theku kubikwa ukuthi usuphenduke inkundla yezigebengu lapho zizichanasela khona ngokuthanda.
Ubungozi balomgwaqo bugqame ngemumva kokuba kusabalale ezinkundleni zokuxhumana i video yezigebengu zibamba abebehamba ngemoto inkunzi. Kule video izigilamkhuba zibonakala zikhomba lemoto ngezibhamu, okuthi uma ibuyela eceleni zizwakale zifuna ngesankahlu omakhalekhukhwini nemali. Osemotweni,okusolakala ukuthi ungumshayeli,uzwakala ezikhalela ethi zingabadubuli.
Seziningi izigameko ezishaqisayo esezenzeke kulomgwaqo seloku wavulwa njengoba kuthiwa bayaphela abantu bephucwa izimoto zabo. Emasontweni ambalwa edlule kuthiwa kutholwe izidumbu zabantu ababili okusolwa ukuthi babulawe izigilamkhuba zibabamba inkunzi.
IPhoyisa elisebenza esiteshini saKwa Dabeka elingavumelekile ukukhuluma nabezindaba, libuqinisekisile ubungozi balomgwaqo. Lithi uma abantu bengakwazi ukuwugwema,lingabakhuthaza ukuthi bawugweme.