UNdunankulu omusha waKwaZulu Natal uMnu. Thami Ntuli, uthembisa ukusebenzela abantu balesifundazwe ngobuqotho. U Ntuli oyilunga le Inkatha Freedom Party uhlule Inkosi u Chiliza we MK Party ngamavoti angu 40 kwangu 39.
" Ngizizwa ngithobekile ukunikezwa lelithuba lokusebenzela abantu baKwaZulu Natal. Ngiyathobeka nangendlela indlu eziphathe ngayo namhlanje. Uhambo olusemqoka lolu esiluqala namhlanje,sihamba ezinyathelweni zalabo abaluhambe ngaphambi kwethu, ukuzama ukwenza impilo yabantu baKwaZulu Natal ukuthi ibengcono."-kusho yena uNtuli ngemumva kokuqokwa kwakhe.
Uzwakalise ukuthi angeke esapholisa maseko kodwa umsebenzi usuyaqala. I DA, ANC ne IFP bazwakalise ukuhambisana kakhulu nokuqokwa kukaNtuli. Nendlu imamukele ngehlombe,nokuyizinkomba zokuthi iyathokoza ngokuqokwa kwakhe.