Oke waba yi Khansela elizimele elokishini lakwaNdengezi, uMnu. Vusumuzi Jeffrey Mbanjwa, uzofihlwa ngoMgqibelo enkonzweni ezobanjelwa ehholo lomphakathi. U Mbanjwa, obebuye aziwe ngelika Chwepheshe, udlule emhlabeni ngemumva kokuxinwa ukugula okungamnikanga sikhathi,kwamthatha.
Ngale kwe politiki abebambe kuyona iqhaza kusukela kusaliwa nohulumeni wobandlululo, u Mbanjwa ubebuye abandakanyeke emabhizinisini ahlukene okubalwa kuwona, elokuthutha izingane zesikole, elokushutha imicimbi ehlukene, nele internet cafe. Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni,ziqubule isililo esikhulu emphakathini njengoba abaningi bemchaze njengomuntu obezithobile, onesibindi futhi obewazisa kakhulu umphakathi.
Inkonzo yesikhumbuzo nayo izobanjelwa ehholo lomphakathi khona namhlanje, ngehora lesithathu ntambama.