Abantu bakuleli, iningi okungabalaleli bomsakazo Ukhozi FM, bazemukele ngezindlela ezingefani izindaba zokusula esikhundleni kobengumphathi wawo, u Sbongi Ngcobo.Izindaba zokusula kwakhe zizwakale osukwini lwayizolo ngemumva kokuthi kubizwe umhlangano ophuthumayo wabasebenzi balomsakazo. Kusolwa ukuthi zimenyezelwe kuwona lomhlangano lezindaba.
Abantu abaningi,banikele ezinkundleni zokuxhumana, bezwakalisa imizwa yabo ngaloludaba. Abaningi, okubalwa kubona nalowo owayenguMsakazi kuwona lomsakazo, uNgizwe Mchunu, bezwakale bezijabulela lezindaba. Kwi video eyenziwe u King Zoso, uMchunu uzwakala ethi umfisela ukuthi angalungelwa yilutho, aze athengise nangomzimba. Abanye bathe banethemba lokuthi ukusula kwakhe kuzobuyisela lesiteshi esimweni esifanele ngoba ubesiphathise okwekhaya lakhe.
U Sbongi ushiya nje, kusanda kuqubuka umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngemumva kokuba umculi ka Maskandi, uKhuzani Mpungose, enze i video lapho ebekhuluma khona izinto ezinganambithisiseki ngaye. Kule video, uMpungose ulibeke ngembaba elokuthi lomphathi ubemvalela ezintweni eziningi.