Owesilisa oneminyaka engamashumi amabili nesikhombisa ubudala, uboshiwe kulandela izinsolo zokuthi uyathinteka esigamekweni sokubulawa kuka Mariemuthoo Arumugum. Lesigameko senzeke ngesonto eledlule, emgwaqweni u N2, ngase Groutville.
Okhulumela amaphoyisa, u Robert Netshiunda, uthi u Arumugum wabona itekisi elalime endaweni engafanele, wabe eseyohlola ukuthi kungabe kwenzekani.Akazange abone ukuthi lelitekisi labe libanjwa inkunzi, ingakho kwathi uma izigebengu zimbona,esinye savulela ngenhlamvu sibhekise kuyena, waphelela khona lapho. Esinye isigebengu sadla phansi ngesikhathi kwenzeka konke loku, esinye sashayela itekisi elalinabagibeli, layolilaxaza kwaDukuza,edolobheni.
U Netshiunda uthi uphenyo lwamaphoyisa luwaholele emijondolo yakwaMashu, nalapho emshaqe khona lomlisa,athola nesibhamu kanye nezinhlamvu ezingamashumi amathathu nambili. Kulindeleke ukuthi kusasa avele phambi kwe Nkantolo ye Mantshi yase Ntuzuma,lapho ezobhekana khona necala lokutholakala nesibhamu kanye nezinhlamvu okungekho emthethweni. Khona kusasa, kuzomele avele nase Nkantolo kaMantshi yakwaDukuza, ngamacala okubulala,ukuntshontsha imoto, nokubamba inkunzi.