Iziphathimandla zamaphoyisa sezikuqinisekisile ukuthi sekwengezwe amanye amaphoyisa ukuqapha isimo kwaZulu Natal. loku kulandela izinsolo zokuthi kungase kube nombhedukazwe kulesifundazwe njengoba kunokuhlukana kwemibono kwizakhamuzi ngemiphumela yokhetho lwakamumva.
UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke u General Fannie Masemola uthi sekuyithimba lesihlanu leli elijutshwe kulesifundazwe kusukela ekuqaleni kuka May. U Masemola uthi loku bakwenzela ukugwema isimo esingase singabisihle ngoba sebezwile ngezinhloli zabo ukuthi alukho uzinzo emiphakathini eyahlukene.
Nakuba lamaphoyisa ezosabalala nasosonke isifundazwe kodwa azogxila kakhulu ezindaweni eziseNyakatho nesifundazwe. Kulindeleke ukuthi abekhona isikhathi esilinganiselwa emasontweni amane.