Umbutho wezokuphepha kwaZulu Natal uthi umi ngomumo ukuqinisekisa ukuthi kuphephile eThekwini ngalempelasonto njengoba kunomjaho omkhulu wamahhashi i Durban July.
Lomjaho awuhehi nje abathandi bamahhashi kuphela kodwa nalabo abathanda ubumnandi kanye nengqephu. Azisali ke ngaphandle izigilamkhuba ngoba zisuke zazi ukuthi kusuke kugcwele abantu abaliqhamukisa ezingxenyeni ezahlukene zezwe, begajwe yinjabulo. Isuke igcagcele esokeni ke kuzona ngoba zithola ithuba lokuqhuba umsebenzi wazo wobumnyama.
Amaphoyisa athi azokwenza konke okusemandleni ukuvikela abanto kodwa ayabanxusa nabo ukuthi babambisane nawo ngokuthi baziphathe kahle, bangenzi izinto eziphambene nomthetho nezizobabeka engozini.